Imvelo Yethu

Inethiwekhi ye-Naturalliance iphethwe yi-Nhlangano Yomhlaba Yokongiwa kweMvelo (IUCN), ukusiza wena ukuthi uphile kahle.Ukuze uphile kahle, udinga ukuthatha izinqumo ezinhle, wena kanye nomphakathi wakho, mayelana nezinzuzo nezingozi ezidalwa yimvelo. I-IUCN yamukela ulwazi oluvela ezinhlanganweni eziyinkulungwane namakhulu amane (1,400, okuhlanganisa nohulumeni abangamashumi ayisishiyagalolunye (90), kanye nochwepheshe abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane (24,000) ukuze banikeze ulwazi olungcono kakhulu lwezinqumo mayelana nomhlaba.

 
Cabangisisa nge Covid-19

Sicela ukuba ucabangisise mayelana nobungozi wena kanye nemvelo enigangena kubo ngenxa ye-COVID-19. Sebenzisa kuphela izeluleko ozithola ezinhlanganweni ezithembekila ngokuthi wena nomphakathi wakho ningasibona futhi nisigweme kanjani lesi sifo. Leligciwane liphila emoyeni oswakeme kanti sitheleleka yilo ngomlomo, ngamakhala nangamehlo. Ngakhoke, iseluleko esibalulekile wukuthi:

  • Gcina amamitha amabili ukuqhelelana nabantu – gwema umoya abawuphefumulayo;
  • Gwoka isimfonyo uma uphakathi kwabantu abaningi, ezindaweni ezivalekile noma uma usezixukwini;
  • Gcina imigomo mayelana nokuhamba, kanti futhi ugome uma ungaphumelela;

 

Izinyathelo zokulwa nobhubhane lwesikhathi esizayo nazo kufanele zenziwe ngobuhlakani, futhi zesekwe yisayensi engcono kakhulu. Imithetho emisha kufanele igweme ukulimaza izinsiza kuphila zasemaphandleni kanye nokongiwa kwemvelo.

 

 

Siphila emhlabeni othonywe kakhulu ngabantu, kodwa kwakungahlezi kunjalo. Abantu besimanje badabuka eminyakeni engamashumi ezinkulungwane zeminyaka njengamaqenjana amancane abaqoqi-bazingeli. Okhokho bethu babezingela, bedoba futhi baqoqe imikhiqizo yezitshalo ngaphambi kokuba bafunde ukutshala izitshalo nokuthoba izilwane zasendle. Lokhu kwadala izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo zethu ngezindlela esingaziqondi ngokugcwele.

 

Imidwebo yasemigedeni iyakukhombisa ukuthi ukuhlonipha ezinye izilwane bekulokhu kubalulekile.Ukuzingela kwabengela ukwakheka kwezindawo zokuqala-ngqa zokugcina imvelo kanti nabadobi bahlela ukuvuselela imifula. Izinhlangano zokuvikelwa kwezilwane zaqalwa ngabantu ababenozwelo ngezilwane ababehlala nazo.

 

Ezikhathini zanamuhla, abantu babusa futhi balimaze ingcebo yemvelo. Ekubeni sonke sincike emvelweni ukuze siphefumule, sithole amanzi ahlanzekile, nesimo sezulu esithobekile ukuze kutshaleke izitshalo. Abaningi bethu bahlala bephile kahle ngokuzijabulisa kuyona imvelo. Kufanele sifunde izindlela ezikahle zokuphatha imvelo, singabukeli phansi i-COVID-19 kanye nohwebo lwezilwane zasendleUma uthanda ukudla kwasendle noma uthanda ukuzibukela izilwane zasendle, nawe ungasiza ukulondoloza leyo ngcebo yemvelo.

 

Abazingeli nababukeli bezilwane zasendle abahlezi bebambisani zikhathi zonke, kodwa bayakudinga ukubambisana. Ukungqubuzana kuphambukisa ukunaka izinto ezibalulekile eziyingozi kuwowonke umuntu, njengokuguquguquka kwesimo sezuluUkusebenzisa izinsiza ezivuselelekayo ngendlela eqhubekayo akwehlukile ekusebenziseni imikhiqizo yasemapulazini, kodwa ngokuvamile kungcono ekongeni imvelo. Ukuzingela, ukulima nokunye ukusetshenziswa kwemithombo yemvelo kungaba izixazululo zokongiwa kwemvelo kanye nezingozi ezidalwa ukufudumala komhlaba. Kudingeka sigxile ngokubambisana ezisombululweni ezisekelwe wubuchwepheshe, obudala izindlela ezintsha zokuziphila, kanye nemvelo uqobo lwayo.